Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 18:13 - IsiZulu 2020

13 Kepha uMikhaya wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akushoyo uNkulunkulu wami yikhona engizakukukhuluma.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha uMikhaya wathi: “Kuphila kukaJehova, lokhu uNkulunkulu wami akushoyo, lokhu ngiyakukhuluma khona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wayesethi uMika: “Kuphila kukaJehova, lokho uNkulunkulu wami akukhulumayo ngiyakukhuluma.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 18:13
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uMikhaya wathi: “Ngiyafunga phambi kuSimakade, lokhu uSimakade akushoyo kimi, yikhona engizokukhuluma.”


Isithunywa esasiyobiza uMikhaya sakhuluma naye, sathi: “Bonke abaphrofethi bakhulume ngazwi linye baphrofetha okuhle enkosini, sengathi izwi lakho lingaba linye nelabo, ukhulume okuhle.”


Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: “Mikhaya, sihambe yini ukuyokulwa neRamothi Gileyadi, noma ngiliyeke na?” Wathi: “Khuphukani, nibe nempumelelo; bayakunikelwa esandleni senu.”


Umphrofethi onephupho makalande ngalo iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukusanhlamvu na?” kusho uSimakade.


UJeremiya, umphrofethi, wayesethi kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba ninxusile, kuyakuthi noma yiliphi izwi uSimakade ayoniphendula ngalo, nginitshele lona, angiyukunigodlela lutho.”


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.


Ingelosi kaSimakade yathi kuBhileyamu: “Hamba nalawa madoda, kodwa uyokhuluma kuphela lokho engizokutshela khona.” UBhileyamu wayesehamba namalunga kaBhalaki.


UBhileyamu waphendula, wathi: “Akufanele yini ngiqikelele ukuba ngikutshele lokho uSimakade athe angikusho na?”


UBhileyamu waphendula, wathi kuBhalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke akushoyo uSimakade ngizokwenza na?”


‘Noma ngabe uBhalaki ubenganginika isigodlo sakhe sigcwele phama isiliva negolide, anginakuleqa izwi likaSimakade ngenze noma yini, okuhle noma okubi, ngizosho kuphela lokho uSimakade azongitshela ukuthi ngikusho na?’


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa,


Ngokuba asinjengabo abaningi abadunga izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa sikwenza njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKhristu.


Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu.


kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ