Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:7 - IsiZulu 2020

7 Ngonyaka wesithathu wokubusa kwakhe, wathumela izikhulu zakhe uBheni Hayili, u-Obhadiya, uZakhariya, uNethaneli noMikhaya ukuba ziyofundisa emizini yakwaJuda,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathumela ezikhulwini zakhe, oBeni-hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikaya, ukufundisa emizini yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:7
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwase kuyisikhathi eside u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, kungekho namphristi ofundisayo, kungekho namthetho.


UHezekiya wakhuluma kahle kubo bonke abaLevi ababebonakalisa ukuthi bayayiqonda inkonzo kaSimakade. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Wathi kubaLevi ababefundisa wonke u-Israyeli, futhi ababengcwele kuSimakade: “Bekani umphongolo ongcwele endlini eyakhiwa nguSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. Akuseyukuba bikho mthwalo phezu kwamahlombe enu, manje mkhonzeni uSimakade uNkulunkulu wenu nabantu bakhe, u-Israyeli.


“Wena-ke Ezra, makuthi ngokuhlakanipha uNkulunkulu akuphe khona, uqoke abehluleli nezimantshi abayokwehlulela bonke abantu bakini abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe; makube ngabantu abawaziyo umthetho kaNkulunkulu wenu, abangawaziyo kufanele bawufundiswe.


Bama ezindaweni zabo, kwase kufundwa umthetho kaSimakade uNkulunkulu wabo, kwathatha ingxenye yosuku; ngenye ingxenye yosuku bavuma izono zabo, badumisa uSimakade uNkulunkulu wabo.


Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.


Yikhona ngiyofundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziphendukele kuwe.


Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema.


Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho, nezindlovukazi zawo zibe ngabancelisi bakho; bayokukhothamela, ubuso bubheke phansi, bakhothe uthuli lwezinyawo zakho; uyokwazi ukuthi nginguSimakade, abethembela kimi abayukujabha.”


Bayothatha amanye amatshe bawafake endaweni yalawo akhishiweyo. Bayothatha udaka olusha bagudule ngalo indlu.


Kwa-Isakhare: uNethaneli indodana kaZuwari.


Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa:


Incwadi yokuqala ngayiloba, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa,


Bafundisa uJakobe izehlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-althare lakho.


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ