Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:6 - IsiZulu 2020

6 Inhliziyo yakhe yashisekela izindlela zikaSimakade, wazisusa izindawo eziphakemeyo, no-Ashera kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera* kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Inhliziyo yakhe yathokoza ngezindlela zikaJehova, wasusa izindawo eziphakemeyo nemithi engcwele kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa, uyise, kaphambukanga kuzo, wenza okulungile emehlweni kaSimakade. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela, beshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.


U-Asa wenza okuhle nokulungileyo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.


Wasusa ama-althare abezizwe ezindaweni eziphakemeyo, wabhidliza izinsika, wagawula nezingongolo zo-Ashera,


Kepha izindawo eziphakemeyo akazisusanga kwa-Israyeli, nakuba inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


Nokho kufunyaniswe kuwe izinto ezinhle. Ubasusile o-Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


Kepha-ke azisuswanga izindawo eziphakemeyo, futhi nabantu kabazibhekisanga izinhliziyo zabo kuNkulunkulu wokhokho babo.


Kwathi ukuba kuphele konke lokhu, u-Israyeli wonke owayelapho waphuma waya emizini yakwaJuda, waphihliza izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-althare wonke kwaJuda, kwaBhenjamini, kwa-Efrayimi nakwaManase, waze wakuqeda konke. Base bonke abantu bakwa-Israyeli bephindela emuva, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


Ngalokho uyothokoza ngoSomandla, ubuso bakho ubuphakamisele kuNkulunkulu.


Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade.


Mawahlabelele ngezindlela zikaSimakade, ngokuba inkulu inkazimulo kaSimakade.


Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


ngokuba awumkhonzanga uSimakade uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, ngenxa yobuningi bezinto.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ