Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:5 - IsiZulu 2020

5 Ngakho-ke uSimakade wawusimamisa umbuso esandleni sakhe, wonke uJuda wathela intela kuJehoshafathi; waba nodumo olukhulu nengcebo eningi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda waletha izipho kuJehoshafati; wayenengcebo nodumo ngokuchichimayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:5
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaleso sikhathi u-Abhrama wayesecebe kakhulu, enemfuyo, nesiliva negolide.


Baletha, kwaba yilowo nalowo, isipho sakhe: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi, neminyuzi, lokhu bekwenza minyaka yonke.


Inkosi yenza ukuba isiliva lejwayeleke eJerusalema njengamatshe nemisedari, eyayenza yaba njengemithombe esigodini ngobuningi.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Inkosi yenza isiliva negolide kwaba yinsada eJerusalema njengamatshe, imisedari yayenza yaba njengemithombe esigodini ngobuningi.


UJehoshafathi wayenengcebo nodumo olukhulu, waba nobuhlobo no-Ahabi ngokuganiselana.


Abaningi baletha iminikelo kuSimakade eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waba nodumo kubo bonke abezizwe ngaleso sikhathi.


Inkosi yenza ukuba isiliva lixhaphake njengamatshe eJerusalema, nemisedari yayenza yaba miningi njengemithombe ehlanzeni.


USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.


Uma abantwana bakho besigcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyobafundisa bona, impela abantwana babo bayohlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”


Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema, amakhosi ayokulethela izipho.


Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.


Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.


Ukwenza inkohlakalo kuyisinengiso emakhosini, kodwa isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.


Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.


Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ