Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:4 - IsiZulu 2020

4 kepha wamfuna uNkulunkulu kayise, wahamba emthethweni wakhe, akaze alingisa okwenziwa ngu-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 kepha wafuna uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungengakwenza kuka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 kepha wafuna uJehova uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungenjengokwenza kuka-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:4
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yathola iseluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kwabakwa-Israyeli: “Sekwanele manje ukuba nilokhu nikhuphukela eJerusalema; manje nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”


Leyo nto yaba yisono. Abantu baya phambi kwelikwaDani.


Wanikela e-althare ayelenzile eBhethele, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesishiyagalombili, okuyinyanga ayeyinqume yena; wenzela abantu bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-althare, washisa impepho.


USolomoni wamthanda uSimakade, wahamba ngokwezimiso zikaDavide, uyise, kodwa naye wayehlaba, eshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.


“Wena, uma nje uyakuhamba phambi kwami njengalokhu kuhambe uDavide, uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezehlulelo zami,


UJuda naye akayigcinanga imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakhe, kunalokho wahamba njengalokhu kwenza u-Israyeli.


Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, njengalokhu kwenza indlu ka-Ahabi, kwazise wayeganwe yindodakazi yakhe u-Ahabi. Wenza okubi emehlweni kaSimakade.


Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, izwe laba nokuthula; kwakungekho ukulwa kuleyo minyaka ngokuba uSimakade wayemnike ukuthula.


USimakade wayenaye uJehoshafathi, ngokuba wahamba ngezindlela zakuqala zikakhokho wakhe uDavide, akazange afune oBhali,


Umphrofethi u-Eliya wamthumelela incwadi, ethi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho, uthi: ‘Ngenxa yokuba awuhambanga ngezindlela zikaJehoshafathi, uyihlo, nangezindlela zika-Asa, inkosi yakwaJuda,


Wamfuna u-Ahaziya, wamthola ebanjiwe ngokuba wayecashe eSamariya, bamyisa kuJehu; bambulala, bamngcwaba ngokuba bathi: “Lo uyindodana kaJehoshafathi, owamfuna uSimakade ngenhliziyo yakhe yonke.” Indlu ka-Ahaziya yayingasenamuntu ongagcina umbuso.


UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.


Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade njengakho konke okwakwenziwe nguDavide, ukhokho wakhe.


Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade, wahamba ngezindlela zikaDavide ukhokho wakhe, kachezukelanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


sinikhuthaza, sinimisa isibindi, sigcizelela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizele embusweni nasenkazimulweni yakhe.


Elokugcina, bazalwane, siyaninxusa, sinigqugquzela eNkosini uJesu ukuba njengalokhu nakwemukela kithi ukuthi nifanele niziphathe, futhi nimthokozise kanjani uNkulunkulu, njengalokhu nivele nenza kanjalo, khuthalani-ke kakhulu ukwenza lokho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ