Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:19 - IsiZulu 2020

19 Yilaba-ke ababekhonza inkosi, ngaphandle kwalabo inkosi eyayibabeke emizini ebiyelweyo eyayikulo lonke elakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Yilabo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini ebiyelweyo kulo lonke lakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bakhonza inkosi, ngaphandle kwalabo inkosi eyayibabekile emizini ebiyelweyo kulo lonke elakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:19
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyo yonke imizi, wabeka izihlangu nemikhonto emzini ngamunye, wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBhenjamini kwakungokwakhe.


Wenza ukuhlakanipha, amadodana akhe wawehlukanisa, ahlala emazweni wonke akwaJuda nakwaBhenjamini, nasemizini yonke ebiyelweyo; wawanika ukudla okuningi, wawatholela nabafazi abaningi.


UJehoshafathi waya ngokuya edlondlobala; wakha izinqaba nemizi eyizinqolobane kwaJuda.


Emva kwakhe kunguJehozabhadi, enamabutho ahlomele ukulwa ayizi-180 000.


Wakanisa impi kuyo yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo, wabeka amabutho kwaJuda nasemizini yakwa-Efrayimi eyayinqotshwe nguyise u-Asa.


Emveni kwalokho wakha ugange olwalungaphandle komuzi kaDavide entshonalanga yeGihoni, esigodini kwaze kwaba sekungeneni esangweni Lezinhlanzi. I-Ofeli walibiyela waliphakamisa kakhulu, wabeka izinduna zempi ezinamandla kuyo yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ