Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:14 - IsiZulu 2020

14 Babemi kanje ngokwezindlu zoyise: kwaJuda, abakhuzi bempi bezinkulungwane: u-Adina umkhuzi wempi, enamaqhawe anamandla ayizi-300 000.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Nakhu ukubalwa kwabo njengezindlu zawoyise: kwaJuda: izinduna zezinkulungwane: ngu-Adina induna, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Lezi ziyizibalo zabo ngokwezindlu zoyise: kwaJuda: izikhulu phezu kwenkulungwane; u-Adna inhloko, kanye naye amaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:14
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.


Wayesemkhiphela phandle wathi: “Bheka esibhakabhakeni ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wayesethi kuye: “Iyakuba ngako inzalo yakho.”


URehobhowamu esefikile eJerusalema, waqoqa yonke indlu yakwaJuda nesizwana sakwaBhenjamini, abantu abakhethiweyo abayizi-180 000, amabutho, ukuze balwe nendlu yakwa-Israyeli, umbuso bawubuyisele kuye uRehobhowamu, indodana kaSolomoni.


U-Abhiya waphuma ukuyokulwa enempi yamaqhawe anamandla empini, amadoda akhethiweyo ayizi-400 000. UJerobhowamu yena wehla ukuyokulwa naye, enamadoda akhethiweyo ayizi-800 000, angamaqhawe anamandla.


U-Asa wayenamabutho ayizi-300 000, aphatha izihlangu nemikhonto, ayevela kwaJuda, nalawo ayevela kwaBhenjamini eyizi-280 000, ayephatha amahawu, nansala ngeminsalo. Wonke lawo mabutho ayengamaqhawe anamandla.


Wayenokuningi emizini yakwaJuda, amadoda empi, namaqhawe anamandla, eJerusalema.


Emva kwakhe kunguJehohanani umkhuzi wempi, enezi-280 000.


Zaziphethe amabutho anamandla ayizi-307 500, ayelwa ngokuzinikela okukhulu ukuba asize inkosi ezitheni.


ngosuku lokuqala enyangeni yesibili, baqoqa yonke inhlangano, base bebabhalisa ngokokhokho babo, ngemindeni yabo, nangokwezindlu zokhokho babo. Wonke amagama abantu besilisa abaneminyaka engama-20 nangaphezulu abhalwa, futhi abalwa,


“Bala yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zokhokho, ngokwenani lamagama, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ