Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:11 - IsiZulu 2020

11 Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati, nesiliva lentela; nabase-Arabiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nabanye bamaFilisti baletha izipho nemali yentela kuJehoshafati; ama-Arabhu aletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimbuzi eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:11
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabanqoba nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa phansi emhlabathini. Bonke abalinganiswa kabili ngobude bentambo babulawa, kwathi labo abalinganiswa kanye ngobude bayo bayekwa baphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


UHiramu, inkosi yaseThire, wathuma izinceku zakhe kuSolomoni, ngokuba wayesezwile ukuthi ugcotshiwe ukuba abe yinkosi esikhundleni sikayise. UHiramu wayengumngani kaDavide zonke izinsuku zakhe.


UMesha, inkosi yakwaMowabi, wayengumfuyi wezimvu, wathela enkosini yakwa-Israyeli ngoboya bamawundlu ayizi-100 000 nobezinqama eziyizi-100 000.


UJehoshafathi waya ngokuya edlondlobala; wakha izinqaba nemizi eyizinqolobane kwaJuda.


Ngakho-ke uSimakade wawusimamisa umbuso esandleni sakhe, wonke uJuda wathela intela kuJehoshafathi; waba nodumo olukhulu nengcebo eningi.


USimakade wavusela uJehoramu umoya kumaFilisti, nakwabase-Arabhiya ababengamaKhushe;


Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya. Igama lakhe laduma laze layofika eGibhithe, ngokuba wakhombisa ukudlondlobala ngamandla.


ngaphandle kwalelo elalifika nabahwebi nabathengisi, nawo wonke amakhosi ase-Arabhiya, nababusi bezwe ababeletha igolide nesiliva kuSolomoni.


Yileyo naleyo yayimlethela isipho: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi neminyuzi, ekwenza lokhu iminyaka ngeminyaka.


Aliyukubuye lihlale muntu, akusekho muntu oyokwakha kulo, izizukulwane ngezizukulwane, umArabhu akayukukanisa kulo, nabelusi abayukulala lapho nemihlambi yabo.


“ ‘Abase-Arabhiya nazo zonke izikhulu zaseKedari babethenga kuwe; babehwebelana nawe ngamawundlu, ngezinqama nangezimbuzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ