Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 17:10 - IsiZulu 2020

10 Yonke imibuso yamazwe azungeze elakwaJuda jikelele yehlelwa yingebhe ngoSimakade, ayizange ilwe noJehoshafathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ukwesaba uJehova kwehlela yonke imibuso yamazwe ahanqe uJuda, kangangokuthi ayizange ilwe noJehoshafati.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 17:10
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.


U-Asa nabantu ababenaye, bawaxosha amaKhushe aze afika eGerari, afa wonke amabutho, akwaze kwasala namunye ophilayo, ngokuba abhujiswa phambi kukaSimakade nempi yakhe. Babuyela emuva nempango eningi kakhulu.


Bayibhubhisa yonke imizi ezungeze iGerari, ngokuba behlelwa wuvalo olwaluvela kuSimakade. AbakwaJuda baphanga yonke imizi ngokuba kwakunempango eningi kuyo.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Uvalo ngoNkulunkulu lwehlela yonke imibuso yamazwe lapho bezwa ukuthi uSimakade wayelwe nezitha zika-Israyeli.


Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.


Ziyokhotha uthuli njengenyoka, zihuquzele njengezinto ezihuquzela emhlabathini. Ziyakuphuma ezinqabeni zazo zithuthumela, zize kuSimakade uNkulunkulu wethu, ziyakushaywa wuvalo, zikwesabe wena.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ