Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 16:7 - IsiZulu 2020

7 Ngaleso sikhathi kwafika uHanani, umboni ku-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngenxa yokuba manje uthembele enkosini yase-Aramu, awuthembelanga kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngakho-ke impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngaleso sikhathi uHanani umboni weza ku-Asa inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencika enkosini yase-Aramu, ungathembelanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu yaphunyuka esandleni sakho isandla sakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 16:7
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngithumela kuwe isipho sesiliva nesegolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze ahlukane nami.”


Izwi likaSimakade lafika kuJehu, indodana kaHanani, limelene noBhahasha, lathi:


Izwi likaSimakade lafika ngoJehu, indodana kaHanani umphrofethi, mayelana noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi ayebenze phambi kukaSimakade ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobhowamu ayiqothula.


Wamethemba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, akubanga bikho onjengaye emva kwakhe, phakathi kwawo wonke amakhosi akwaJuda, nakulawo ayengaphambi kwakhe.


Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


Abakwa-Israyeli bathotshiswa ngaleso sikhathi, kodwa abakwaJuda banqoba, ngokuba babencike kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Kepha u-Asa, inkosi, noJuda wonke, bahamba bathatha amatshe eRama nemithi uBhahasha ayakhe ngakho. Wakha ngakho iGebha neMizpha.


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


Wahamba ngendlela ka-Asa, uyise, kaphambukanga kuyo, wenza okulungile phambi kukaSimakade.


Ezinye izindaba zikaJehoshafathi, ezakuqala nezakamuva; bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu, indodana kaHanani, ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.


Nakuba impi yase-Aramu yayize neviyo elincane, uSimakade wanikela esandleni sayo impi enkulu kakhulu, ngokuba uJuda neJerusalema babemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. UJowashi bamehlulela.


Maye, kulabo abehlela eGibhithe ukuyocela usizo, abethembele emahhashini nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi, nakubagibeli bamahhashi ngokuba benamandla, kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli, bengamfuni uSimakade!


Yilowo nalowo uyofana nendawo yokukhosela emoyeni, nesivikelo esivunguvungwini, njengemithombo yamanzi endaweni eyomileyo, nanjengomthunzi wedwala ezweni eligagadekile.


Kwase kufika umphrofethi u-Izaya kuHezekiya, inkosi, wathi kuye: “Bebethini laba bantu; baphumaphi njengoba beze kuwe na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ