Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 16:4 - IsiZulu 2020

4 UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe, bahlasela imizi yakwa-Israyeli. Banqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Mayimi, nayo yonke imizi yakwaNafethali, eyayiyizinqolobane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli; zanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Mayimi, nayo yonke imizi yokubekelela yakwaNafetali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UBenihadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli; banqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela-Mayimi, nayo yonke imizi yemizi yakwaNafetali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 16:4
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.


UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe ukuba bayohlasela imizi yakwa-Israyeli. Wanqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Bhethi Mahakha, lonke iKhinerothi, nalo lonke izwe lakwaNafethali.


nayo yonke imizi eyayiyizinqolobane zikaSolomoni, imizi yezinqola zakhe zempi, imizi yabamahhashi akhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayebusa kulo.


Inkosi yase-Asiriya yamlalela; yakhuphuka yayohlasela iDamaseku, yalidla, yathumba abantu bakhona, yabasa eKhiri, yambulala uRezini.


“Makube khona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengoba sasikhona naphakathi kukababa noyihlo, phela sengithumele isiliva negolide; hamba wephule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze asuke kimi.”


Kwathi ukuba uBhahasha akuzwe lokho, wayeka ukwakha iRama, wawumisa umsebenzi wakhe.


UJehoshafathi waya ngokuya edlondlobala; wakha izinqaba nemizi eyizinqolobane kwaJuda.


Wakha neBhalathi, nayo yonke imizi eyizinqolobane. Yonke imizi yezinqola, imizi yabamahhashi, kwakungekaSolomoni, nakho konke ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayelibusa.


AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


Akuyukubabikho bumnyama kulabo ababehlupheka. Ngesikhathi esedlule uSimakade wathobisa elakwaZebuloni nelakwaNafethali, kodwa ngomuso uyokwenza ihlonipheke indlela eya olwandle, ezweni elingaphesheya kweJordani, eGalile labezizwe.


ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile.


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ