Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 16:3 - IsiZulu 2020

3 “Makube khona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengoba sasikhona naphakathi kukababa noyihlo, phela sengithumele isiliva negolide; hamba wephule isivumelwano sakho noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze asuke kimi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengoba sasikhona phakathi kukababa noyihlo; bheka, ngiyakuthuma isiliva negolide; hamba, waphule isivumelwano sakho noBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, ukuze asuke kimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 16:3
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yayisibiza abaseGibheyoni yakhuluma nabo. AbaseGibheyoni babengesibo abantu bakwa-Israyeli, babeyinsali yama-Amori. Nokho abakwa-Israyeli babenze isifungo kubo, kodwa uSawule wayefuna ukubabulala ngenxa yentshisekelo yakhe ngabakwa-Israyeli nabakwaJuda.


Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo.


U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaSimakade neyasesigodlweni senkosi, wakuthumela kuBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu owayehlala eDamaseku, wathi:


UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe, bahlasela imizi yakwa-Israyeli. Banqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Mayimi, nayo yonke imizi yakwaNafethali, eyayiyizinqolobane.


U-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wathi kuJehoshafathi, inkosi yakwaJuda: “Uyakuhamba nami yini, siye eRamothi Gileyadi na?” Wathi kuye: “Mina nginjengawe, nabantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.”


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle,


Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ