Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 16:14 - IsiZulu 2020

14 Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bammbela emathuneni akhe ayemenzele wona emzini kaDavide, bamlalisa embhedeni ogcwele iziqholo nezinhlobo zonke zamakha alungiselwe ubuciko babathaki; futhi bamenzela umlilo omkhulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 16:14
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayeseyala izinceku zakhe eziyizinyanga ukuba zigqumise isidumbu sikayise ngemithi. Izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.


‘Ubaba wangifungisa wathi: “Sengizokufa. Uyabona-ke, ubongingcwaba ethuneni lami engazimbela lona eKhanani.” Bengicela ukuba ngidedelwe ngihambe ngiyongcwaba ubaba, bese ngibuya.’ ”


Bamthatha u-Asaheli, bamngcwaba elibeni likayise eBhethlehema. UJowabe namadoda ayenawo base behamba ubusuku bonke, kwathi kuqambe kusa babe sebeseHebhroni.


U-Asa walaliswa kokhokho bakhe, wayekhothame ngonyaka wama-41 wokubusa kwakhe.


Kwathi ngokuhamba kwesikhathi sekuzophela iminyaka emibili, zaqala ukuphuma izibilini zakhe, ngenxa yaleso sifo, wafa ngobukhulu ubuhlungu. Kepha abantu bakhe abazange bamshisele lutho lapho esekhotheme, njengoba babekade beshisela okhokho bakhe.


UHezekiya wayesekhothama, bamngcwaba emmangweni wamadlinza ozalo lukaDavide, wonke uJuda nezakhamuzi zaseJerusalema bamhlonipha emngcwabeni wakhe. UManase, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Izinceku zayo zayikhipha enqoleni, zayigibelisa enqoleni yayo yesibili, zayiyisa eJerusalema. Yakhothama, yangcwatshwa emadlinzeni okhokho bayo. UJuda wonke neJerusalema bamlilela uJosiya.


Izimpukane ezifile zenza amakha abe nephunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane buyakwedlula ukuhlakanipha nodumo.


‘Wenzani lapha? Unobani lapha ohlobene naye, ukuze uziqophele ithuna lapha, uziqophele ithuna endaweni ephakeme, uzisikele indawo yokuhlala edwaleni?’


Uyakufa ngokuthula; ushiselwe amakha njengalokhu ashiselwa amakhosi okuqala akwendulelayo. Bayokushisela amakha, bakulilele, bathi: “Maye nkosi!” Ngokuba Mina uqobo ngilikhulumile leli lizwi, kusho uSimakade.’ ”


Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo.


kwasuka wonke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe ogangeni eBhethi Shani, ahamba nazo, afika eJabeshi azishisela khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ