Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 16:11 - IsiZulu 2020

11 Bheka, izindaba zika-Asa, ezakuqala nezakamuva, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bheka, izindaba zika-Asa, ezokuqala nezokugcina, bheka-ke, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Bheka, izindaba zika-Asa, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 16:11
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izindaba zikaRehobhowamu, ezakuqala nezokugcina, azilotshiwe yini ezindabeni zikaShemaya umphrofethi, nezika-Ido umboni, ngokwezizukulwane, nezimpi zikaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zabo na?


U-Asa wamthukuthelela umboni, wayesemfaka ejele, ngokuba wathukuthela ngenxa yale nto umboni ayemtshele yona. U-Asa wabacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.


Ezinye izindaba zikaJehoshafathi, ezakuqala nezakamuva; bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu, indodana kaHanani, ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.


Ezinye izindaba zika-Amaziya, ezakuqala nezakamuva, bheka, azilotshiwe yini encwadini yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli na?


Ezinye izindaba zika-Uziya, ezakuqala nezakamuva, zilotshiwe ngu-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amose.


Ezinye izindaba zikaJothamu, nazo zonke izimpi zakhe, nezindlela zakhe, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nawakwaJuda.


Ezinye izindaba zikaHezekiya nezenzo zakhe ezinhle; bheka, zilotshiwe embonweni ka-Izaya umphrofethi, indodana ka-Amose, encwadini yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli.


UShafani, umbhali, wayibikela inkosi, wathi: “UHilikiya, umphristi, unginike incwadi.” UShafani wayeseyifundela inkosi.


izindaba zakhe, ezakuqala nezokugcina; bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.


Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezakuqala nezakamuva, azilotshiwe yini ezindabeni zikaNathani umphrofethi, nasesiphrofethweni sika-Ahaya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobhowamu indodana kaNebhathi na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ