Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 16:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi ngonyaka wama-36 wokubusa kuka-Asa, uBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka wayohlasela uJuda. Wakha iRama ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa, inkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wenyuka wamelana noJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene no-Asa inkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 16:1
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma laba bantu beqhubeka benyuka beyonikela imihlatshelo endlini kaSimakade eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu ingahle iphindele enkosini yabo, uRehobhowamu, inkosi yakwaJuda, bangibulale mina, babuyele kuRehobhowamu, inkosi yakwaJuda.”


Akuzange kube khona impi, kwaze kwaba ngunyaka wama-35 wokubusa kuka-Asa.


Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe.


Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini, nababegogobele nabo bevela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwaSimeyoni, ngokuba uquqaba oluningi lwaluhlubukele kuye, luvela kwa-Israyeli, ngesikhathi selubona ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakhe unaye.


U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaSimakade neyasesigodlweni senkosi, wakuthumela kuBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu owayehlala eDamaseku, wathi:


Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, ngemva kokuba uNebuzaradani, induna yabalindi, isimkhululile eRama, ngesikhathi imthatha, wayesaboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke abathunjwa baseJerusalema nakwaJuda, abathunjelwa eBhabhele.


Umgodi lapho u-Ishmayeli alahla khona izidumbu zamadoda ayewabulele kwakuwumgodi omkhulu owawumbiwe yinkosi u-Asa, ukuze azivikele kuBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli. U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wawugcwalisa ngezidumbu zababuleweyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ