Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:9 - IsiZulu 2020

9 Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini, nababegogobele nabo bevela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwaSimeyoni, ngokuba uquqaba oluningi lwaluhlubukele kuye, luvela kwa-Israyeli, ngesikhathi selubona ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakhe unaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabafokazi ababe nabo bevela kwa-Efrayimi, noManase, nabakwaSimeyoni; ngoba batheleka kuye bevela kwa-Israyeli bebaningi, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathi: “Kuyasikhanyela ukuthi uSimakade unawe. Yikho sithi: ‘Masenze isifungo phakathi kwethu nawe, kube khona isivumelwano phakathi kwethu,’


Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo,


U-Israyeli wayihlubuka indlu kaDavide kuze kube yinamuhla.


U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


Kwafika ingxenye yabakwaManase kuDavide, ngesikhathi izolekelela amaFilisti ukulwa noSawule, kodwa abawalekelelanga ngokuba abaholi bamaFilisti babonisana, bamkhomba indlela bethi: “Lo uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, adayise ngathi, asibulale.”


Emva kokuhamba kwabo, kwalandela ababevela kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ababenhliziyo ziphokophelele ukufuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, baya eJerusalema ukuyohlabela uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Kwathi ngenyanga yesithathu, ngonyaka we-15 wokubusa kuka-Asa, babuthana eJerusalema.


UJehoshafathi wahlala eJerusalema, kodwa kamuva wabuye waphuma wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBheri Sheba kuya kwelezintaba kwa-Efrayimi; wababuyisela abantu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Lonke ibandla lakwaJuda, abaphristi nabaLevi, nalo lonke ibandla elalivela kwa-Israyeli, nabafokazi ababephuma kwa-Israyeli behlala kwaJuda, bathokoza.


“Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo, uthi: ‘EkaJuda nabakwa-Israyeli abangabangani bakhe.’ “Thatha enye induku futhi, ulobe kuyo, uthi: ‘EkaJosefa, induku ka-Efrayimi nendlu yonke yakwa-Israyeli, abangabangani bakhe.’


Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.


USawule wakubona lokho, wazi ukuthi uSimakade unoDavide. UMikhali, indodakazi kaSawule, wamthanda uDavide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ