Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:4 - IsiZulu 2020

4 Kepha lapho ehluphekile wayephendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, amfune, amfumane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa lapho ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu kaIsrayeli, bamdinga, wafunyanwa enabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:4
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wonke uJuda wathokoza ngesifungo ababesenzile, ngokuba babefungile ngenhliziyo yabo yonke, bamfuna ngentando yabo yonke, bamfumana. USimakade wabanika ukuthula nxazonke.


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


Esekuhluphekeni, wanxusa uSimakade uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wokhokho bakhe.


Noma kunjalo, wakunaka ukuhlupheka kwabo, ngesikhathi ezwa ukukhala kwabo.


“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo.


Mfuneni uSimakade esenokutholwa, nimbize eseseduze.


Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.


“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


Kepha wena batshele, uthi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Buyelani kimi,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘nami ngizobuyela kini,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha u-Izaya unesibindi sokuthi: “Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga, ngabonakala kulabo abangangibuzanga.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ