Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 15:16 - IsiZulu 2020

16 U-Asa wamsusa unina uMahakha ukuba abe yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasigenca leso sithombe, wasiqotha sacoliseka, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wamsusa uMahakha unina ka-Asa inkosi ebukhosikazini, ngokuba wayemenzele u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Futhi ngoMahaga, unina wenkosi u-Asa, wamsusa ekubeni yindlovukazi, ngoba wenza isithombe esibaziweyo ehlathini;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 15:16
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabusa iminyaka engama-41 eJerusalema; igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu.


Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguMahakha, indodakazi ka-Absalomu.


Ama-althare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika-Ahazi, elalakhiwe ngamakhosi akwaJuda, nama-althare ayenziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaSimakade, inkosi yawadiliza, yasuka yagijima, yalahla umlotha emfudlaneni iKidroni.


I-althare elaliseBhethele, nendawo ephakemeyo eyenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, owonisa u-Israyeli, nalelo althare nendawo ephakemeyo yakudiliza, yayishisa indawo ephakemeyo, yayiqothisisa yaba ngumlotha, yashisa no-Ashera.


Inkosi yayala uHilikiya umphristi omkhulu, nabaphristi besigaba sesibili, abalindimnyango, ukuba bakhiphe ethempelini likaSimakade zonke izinto ezazenzelwe uBhali no-Ashera, nebandla lonke lasezulwini. Yazishisa ngaphandle kweJerusalema, emasimini aseKidroni, umlotha wakho wayiswa eBhethele.


Yamkhiphela ngaphandle kweJerusalema u-Ashera, endlini kaSimakade, yamshisa emfudlaneni iKidroni, yamgaya waba luthuli, yalahla umlotha wakhe emangcwabeni amadodana abantu.


Kepha izindawo eziphakemeyo akazisusanga kwa-Israyeli, nakuba inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


Abaphristi bangena ngaphakathi endlini kaSimakade ukuba bayihlambulule, kwathi konke ukungcola abakuthola ethempelini likaSimakade bakukhiphela egcekeni lendlu kaSimakade. AbaLevi bakuthatha bakukhiphela ngaphandle, bakuyisa emfudlaneni iKidroni.


Bawasusa wonke amanye ama-althare ayeseJerusalema, nawo wonke ama-althare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.


Wawadiliza ama-althare, wagenca o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, wakuqotha kwaze kwawuthuli. Wonke ama-althare empepho ezweni lonke kwa-Israyeli wawanquma, wayesebuyela eJerusalema.


Wathatha ithole ababelenzile, walishisa ngomlilo, waligaya lacoliseka laba luthuli, waluvuvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantu bakwa-Israyeli.


Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini.


Kuyakuthi uma omunye ephrofetha, uyise nonina abamzalayo bathi kuye: ‘Kufanele ufe, ngokuba uqambe amanga egameni likaSimakade,’ uyise nonina bayakumgwaza esaphrofetha.


Abakubo, sebekuzwile lokho, baphuma ukuyomthatha, ngokuba bathi usangene.


UJesu esekukhulumile lokho, waphuma nabafundi bakhe; bawelela ngaphesheya komfudlana, iKhedroni. Kwakukhona lapho insimu angena kuyo nabafundi bakhe.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


owathi ngoyise nonina: ‘Angibabonanga,’ wangabanaka abafowabo, akaze abanakekela abantwana bakhe. Ngokuba baligcina izwi lakho, basigcina isivumelwano sakho.


Niyokwenza kanje kubo: niyakudiliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ