Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:7 - IsiZulu 2020

7 Wathi kubaJuda: “Masakhe le mizi, siyibiyele ngogange, kube nemibhoshongo, izivalo nemigoqo. Izwe kusengelethu, ngokuba simfunile uSimakade uNkulunkulu wethu; simfunile, Yena wasiphumuza nxazonke.” Base beyakha-ke baphumelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wathi kuJuda: “Masakhe le mizi, siyihaqe ngogange, nangemibhoshongo, nangezivalo, nangemigoqo; izwe lisephambi kwethu, ngokuba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu; simfunile, wasiphumuza nxazonke.” Base bakha-ke, baphumelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho wathi kuJuda: “Masakhe le mizi, senze izingange zayo nxazonke, nemibhoshongo, namasango, nemigoqo, izwe lisephambi kwethu; ngokuba samfuna uJehova uNkulunkulu wethu, samfuna, wasinika ukuphumula nxazonke. Ngakho bakha futhi baphumelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:7
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zonke ezinye izindaba zika-Asa, konke aphumelela kukho, konke akwenza, nemizi ayakhayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi esemdala wayenesifo sezinyawo.


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


watshela uJuda ukuba afune uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, agcine umthetho nemiyalo.


Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, izwe laba nokuthula; kwakungekho ukulwa kuleyo minyaka ngokuba uSimakade wayemnike ukuthula.


Wonke uJuda wathokoza ngesifungo ababesenzile, ngokuba babefungile ngenhliziyo yabo yonke, bamfuna ngentando yabo yonke, bamfumana. USimakade wabanika ukuthula nxazonke.


Wayenokuningi emizini yakwaJuda, amadoda empi, namaqhawe anamandla, eJerusalema.


KwaBhenjamini, kungu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome ngeminsalo nangezihlangu abayizi-200 000.


Umbuso kaJehoshafathi waba nokuthula ngenxa yokuthi uNkulunkulu wakhe wayemnike ukuphumula nxazonke.


U-Amaziya waqoqa uJuda, wammisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwabakhuzi bempi bezinkulungwane nabakhuzi bempi bamakhulu. UJuda wonke noBhenjamini wababala, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, wathola ukuthi bayizi-300 000 abakhethekileyo asebengaphuma impi, nabangaphatha umkhonto nesihlangu.


Zaziphethe amabutho anamandla ayizi-307 500, ayelwa ngokuzinikela okukhulu ukuba asize inkosi ezitheni.


UHezekiya waziqinisa, wakha lonke ugange lomuzi olwaludiliziwe, wamisa imibhoshongo phezu kwalo; wakha nolunye ugange ngaphandle. Waqinisa iMilo emzini kaDavide, wenza izikhali nezihlangu okuningi.


Wakha iBhethi Horoni engenhla, neBhethi Horoni engezansi, imizi ebiyelweyo enezingange, amasango, nemigoqo.


Kufanele senze imisebenzi yongithumileyo kusesemini; buyeza ubusuku lapho kungekho ongasebenza khona.


Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.


Sekwedlule izinsuku eziningi, uSimakade esenike u-Israyeli ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, noJoshuwa esemdala, iminyaka isihambile,


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ