Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:6 - IsiZulu 2020

6 Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, izwe laba nokuthula; kwakungekho ukulwa kuleyo minyaka ngokuba uSimakade wayemnike ukuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lazola, engenampi kuleyo minyaka, ngokuba uJehova wayemphumuzile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lalinokuthula, kwakungekho mpi ngaleyo minyaka; ngoba iNkosi yamnika ukuphumula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:6
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha manje uSimakade uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nhlangothi zonke; akekho omelana nami, akukho ngozi.


Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.


Bheka, uzozalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula. Ngiyakumnika ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe uyakuba nguSolomoni, ngiyakunika u-Israyeli ukuthula noxolo ngezinsuku zakhe.


Wonke uJuda wathokoza ngesifungo ababesenzile, ngokuba babefungile ngenhliziyo yabo yonke, bamfuna ngentando yabo yonke, bamfumana. USimakade wabanika ukuthula nxazonke.


kepha wamfuna uNkulunkulu kayise, wahamba emthethweni wakhe, akaze alingisa okwenziwa ngu-Israyeli.


Umbuso kaJehoshafathi waba nokuthula ngenxa yokuthi uNkulunkulu wakhe wayemnike ukuphumula nxazonke.


Wayelokhu efune uNkulunkulu ngesikhathi sikaZakhariya owamfundisa ukwesaba uNkulunkulu. Ngemihla ayemfuna ngayo uSimakade, uNkulunkulu wambusisa kakhulu.


Kuyo yonke imisebenzi ayiqalayo uHezekiya eyenzela indlu kaNkulunkulu, umthetho nemiyalo, ukuze afune uNkulunkulu wakhe ngenhliziyo yakhe yonke, waphumelela.


Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakhe. Kwathi ngonyaka we-12, waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, o-Ashera, izithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Sekwedlule izinsuku eziningi, uSimakade esenike u-Israyeli ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, noJoshuwa esemdala, iminyaka isihambile,


Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40. U-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, wafa.


Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80.


“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ