Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:4 - IsiZulu 2020

4 watshela uJuda ukuba afune uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, agcine umthetho nemiyalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise, awenze umthetho nemiyalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJuda wayala ukufuna uJehova uNkulunkulu wawoyise, nokwenza umthetho nemiyalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:4
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Emva kokuhamba kwabo, kwalandela ababevela kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ababenhliziyo ziphokophelele ukufuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, baya eJerusalema ukuyohlabela uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Wasusa ama-althare abezizwe ezindaweni eziphakemeyo, wabhidliza izinsika, wagawula nezingongolo zo-Ashera,


Wasusa kuyo yonke imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo, nama-althare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe.


Baletha izinkunzi eziyisikhombisa, izinqama eziyisikhombisa, amawundlu ayisikhombisa, nezimpongo eziyisikhombisa, kwaba ngumnikelo wokona kombuso, kwendlu engcwele nangoJuda. Wayaleza ukuba abaphristi abangamadodana ka-Aroni banikele ngakho e-althare likaSimakade.


UHezekiya wayala ukuba kunikelwe ngomnikelo wokushiswa e-althare. Ngesikhathi kuqalwa ukunikela ngomnikelo wokushiswa, kwaqala nesihlabelelo sikaSimakade, amacilongo nezinye izinsimbi zokubethwa zikaDavide, inkosi yakwa-Israyeli.


UHezekiya, inkosi, nezikhulu bayala abaLevi ukuba badumise uSimakade ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa, umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.


Isandla sikaNkulunkulu sasikuJuda ukubenza babe nhliziyonye ukuze bagcine isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaSimakade.


bonke abazinhliziyo zabo bezibhekise ekufuneni uNkulunkulu uSimakade, uNkulunkulu wokhokho babo, nakuba kungenziwanga ngokuhambisana nemithetho yokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”


Wakha i-althare likaSimakade, phezu kwalo wanikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, wayesetshela uJuda ukuba amkhonze uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngase ngiyala abaphristi ukuba bahlanze lezo zindlu, babuyisele izitsha zasendlini, neminikelo yokusanhlamvu nempepho.


Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho.


Ngokuba usho kanje uSimakade kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ