Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:3 - IsiZulu 2020

3 Wasusa ama-althare abezizwe ezindaweni eziphakemeyo, wabhidliza izinsika, wagawula nezingongolo zo-Ashera,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wawasusa ama-altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo, wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera,*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wawasusa ama-altare onkulunkulu bezizweni nezindawo eziphakemeyo, wadiliza izithombe, wagawula nezihlahla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:3
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera, wachitha inyoka yethusi eyayenziwe nguMose, ngokuba abakwa-Israyeli, kuze kube yileso sikhathi, babesashisa impepho kuyo; yayisibizwa ngokuthi nguNehushithani.


Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera, yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.


Yamkhiphela ngaphandle kweJerusalema u-Ashera, endlini kaSimakade, yamshisa emfudlaneni iKidroni, yamgaya waba luthuli, yalahla umlotha wakhe emangcwabeni amadodana abantu.


U-Asa wenza okuhle nokulungileyo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.


watshela uJuda ukuba afune uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, agcine umthetho nemiyalo.


Kepha izindawo eziphakemeyo akazisusanga kwa-Israyeli, nakuba inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


Wakha i-althare likaSimakade, phezu kwalo wanikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, wayesetshela uJuda ukuba amkhonze uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Badiliza ama-althare oBhali phambi kwakhe, ama-althare empepho ayephezu kwawo, wagawula o-Ashera, izithombe ezibaziweyo nezithombe ezibunjiweyo wakucolisisa, wakuvuvuzela phezu kwamathuna ababekade benikela kukho.


Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo.


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, ngibhidlize ama-althare enu empepho, izidumbu zenu ngizilahle phezu kwezithombe zenu ezifihlikileyo; umphefumulo wami uyonengwa yini.


Uyozishisa ngomlilo izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo; ungalifisi isiliva noma igolide elikuzo, awuyukuzithathela lona, funa libe wugibe kuwe, ngokuba lokho kuyanengeka kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Niyokwenza kanje kubo: niyakudiliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, ninqume o-Ashera babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ