Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:2 - IsiZulu 2020

2 U-Asa wenza okuhle nokulungileyo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:2
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Asa wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengoDavide, ukhokho wakhe.


Waxosha izifebe zesilisa zethempeli ezweni, wasusa zonke izithombe ababezenzile okhokho bakhe.


Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuSimakade ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.


U-Abhiya wayeselaliswa kokhokho bakhe, bammbela emzini kaDavide. U-Asa, indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Emihleni yakhe izwe laba nokuthula iminyaka elishumi.


Wasusa ama-althare abezizwe ezindaweni eziphakemeyo, wabhidliza izinsika, wagawula nezingongolo zo-Ashera,


U-Asa wamsusa unina uMahakha ukuba abe yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasigenca leso sithombe, wasiqotha sacoliseka, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


Inhliziyo yakhe yashisekela izindlela zikaSimakade, wazisusa izindawo eziphakemeyo, no-Ashera kwaJuda.


Wahamba ngendlela ka-Asa, uyise, kaphambukanga kuyo, wenza okulungile phambi kukaSimakade.


Umphrofethi u-Eliya wamthumelela incwadi, ethi: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho, uthi: ‘Ngenxa yokuba awuhambanga ngezindlela zikaJehoshafathi, uyihlo, nangezindlela zika-Asa, inkosi yakwaJuda,


Kwathi ukuba kuphele konke lokhu, u-Israyeli wonke owayelapho waphuma waya emizini yakwaJuda, waphihliza izinsika, wagawula o-Ashera, wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-althare wonke kwaJuda, kwaBhenjamini, kwa-Efrayimi nakwaManase, waze wakuqeda konke. Base bonke abantu bakwa-Israyeli bephindela emuva, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.


UHezekiya wenza kanjalo kulo lonke elakwaJuda; wenza okuhle, nokulungile, nokuqotho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakhe.


Wawadiliza ama-althare, wagenca o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, wakuqotha kwaze kwawuthuli. Wonke ama-althare empepho ezweni lonke kwa-Israyeli wawanquma, wayesebuyela eJerusalema.


Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe.


ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo, zonke izinsuku zethu.


Niyakudiliza ama-althare azo, niphihlize izinsika zazo, nishise ngomlilo o-Ashera bazo, ninqume izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo, nilishabalalise igama lazo kuleyo ndawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ