Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 14:14 - IsiZulu 2020

14 Bayibhubhisa yonke imizi ezungeze iGerari, ngokuba behlelwa wuvalo olwaluvela kuSimakade. AbakwaJuda baphanga yonke imizi ngokuba kwakunempango eningi kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bachitha yonke imizi ezungeza iGerari, ngokuba ingebhe ngoJehova yayiphezu kwabo; baphanga yonke imizi, ngokuba kwakukhona impango eningi kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bayichitha yonke imizi ngaseGerari; ngokuba ukwesaba uJehova kwaba phezu kwabo, baphanga yonke imizi; ngoba kwakukhona impango eningi kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 14:14
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.


Zonke ezinye izindaba zika-Asa, konke aphumelela kukho, konke akwenza, nemizi ayakhayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi esemdala wayenesifo sezinyawo.


Abantu baphuma, baphanga inkambu yabase-Aramu. Iseya lempuphu ecolekileyo lathengiswa ngeshekeli, namaseya amabili ebhali, ngeshekeli, njengokusho kukaSimakade.


Bacekela phansi amathende emfuyo, bathatha izimvu eziningi namakameli, babuyela eJerusalema.


Yonke imibuso yamazwe azungeze elakwaJuda jikelele yehlelwa yingebhe ngoSimakade, ayizange ilwe noJehoshafathi.


UJehoshafathi namabutho akhe kwathi lapho befika ukuba babuthe impango kubo, bafumanisa kubo ingcebo eningi kakhulu abangakwazanga ukuyithwala.


Uvalo ngoNkulunkulu lwehlela yonke imibuso yamazwe lapho bezwa ukuthi uSimakade wayelwe nezitha zika-Israyeli.


Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.


Amakhosi ahola izimpi acela empunzini, athi galo yephuka. Abesifazane abasekhaya babelana impango,


Idwala lalo liyoshabalala ngenxa yovalo, izikhulu zakhona ziyoshiya ibhanela, ngenxa yokudangala,” kusho uSimakade omlilo wakhe useZiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.


Izintambo zakho ziyaxega, azinakuyiqinisa insika endaweni yayo, azinakuwugcina useyili wendlalekile. Lapho impango ephangiweyo iyokwehlukaniswa ngobuningi, ngisho nezinyonga ziyothola impango.


Kepha kukho konke lokho, siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


Athi kuJoshuwa: “Ngempela, uSimakade ulinikele lonke izwe ezandleni zethu; ngaphezu kwalokho zonke izakhamuzi zezwe ziyagedezela wuvalo lokusesaba.”


Kwathi lapho wonke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo wonke amakhosi amaKhanani ayegudle ulwandle, ezwa ukuthi uSimakade womise amanzi eJordani baze bawela bonke abantu bakwa-Israyeli, angenwa ngamanzi emadolweni, aphelelwa yisibindi ngenxa yabantu bakwa-Israyeli.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.


Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ