Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 13:7 - IsiZulu 2020

7 Kwabuthana kuye wonke amayiyane, nabantu abakhohlakele baba namandla kunoRehobhowamu, indodana kaSolomoni. URehobhowamu wayesemusha, engakaqini ukhakhayi, akakwazanga ukumelana nabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kwabuthana kuye amayiyane, abantu ababi, aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kwabuthana kuye amadoda ayize, amadodana kaBheliyali, aziqinisa ukumelana noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemncane enenhliziyo ethambileyo, engenakumelana nabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 13:7
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”


nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi,’ bese nimkhiphela phandle, nimkhande ngamatshe, afe.”


Amadoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; afakaza ngaye lawo madoda amabi, athi: “UNabothi uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Inkosi uRehobhowamu yaziqinisa eJerusalema. Yaqala ukubusa ineminyaka engama-41; yabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abeke kuwo igama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, umAmonikazi.


bangabantwana beziwula, abantwana babantu abangenagama, bayashaywa, baxoshwe ezweni.


Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu.


Olima insimu yakhe uyodla asuthe, kodwa olandela amayiyane akanangqondo.


Olima insimu yakhe uyosuthiswa ngukudla, kepha olandela amayiyane, uyosutha ubumpofu.


Maye, kuwe lizwe elibuswa yinkosi esencane, izikhulu zakho zizitika ngedili kusuka ekuseni!


Ngiyobeka abafana babe yizikhulu zabo; izingane zibabuse.


Kepha abaJuda benomhawu, baqoqa abantu ababi, baba yisixuku, base bedala isiyaluyalu emzini. Bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela ngaphandle kubantu.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.


abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwenu, bahlubukisa izakhamuzi zomuzi wakubo, bathi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’


Ngokuba baningi abamelene neqiniso, abakhuluma okuyize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,


Lokhu benifanele ukuba nibe ngabafundisi, ukuba kuya ngesikhathi eninaso, niyadinga ukuba kube khona ozakunicathulisa, anifundise iziqalo zemfundiso yezwi likaNkulunkulu; nisadinga ubisi, hhayi ukudla okuqinileyo.


UJeftha wayesebaleka kubafowabo, wahlala eThobi. UJeftha wazungezwa yizephulamthetho ayephuma ahlasele nazo.


Zamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-70 ezazizithathe ethempelini likaBhali Bherethi; u-Abhimelekhi aqasha ngazo iziduphunga nezixhwanguxhwangu zamadoda, ukuba zimlandele.


Kwaqoqana bonke abahluphekayo, abanezikweletu, nabo bonke abadabukile enhliziyweni, yena waba yinduna ebaphethe. Babebalelwa cishe ema-400.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ