Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 13:5 - IsiZulu 2020

5 Anazi yini ukuthi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide namadodana akhe umbuso kwa-Israyeli, kuze kube phakade, ngesivumelwano sikaSawoti na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bekunganifanele ukwazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide umbuso kwa-Israyeli kuze kube phakade, yena namadodana akhe, ngesivumelwano sikasawoti, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Anazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide umbuso kwa-Israyeli kuze kube phakade, yena namadodana akhe ngesivumelwano sikasawoti na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 13:5
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowabe nabantu ababenaye basondela ukuba balwe nama-Aramu, kodwa abaleka.


“USimakade uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngingenile esikhundleni sikaDavide, ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaSimakade, ngilakhele indlu igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlomkhulu, ngimise abozalo lwakho omunye zalweni lwakho, ngiwuqinise umbuso wakhe.


Ngiyakumbeka endlini yami nasembusweni wami, kuze kube phakade; isihlalo sakhe sobukhosi siqiniswe, kuze kube phakade.” ’ ”


“Manje Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide, ubaba, lokho owakukhuluma kuyo uthi: ‘Akuyukwesweleka muntu kuwe, phambi kwami, oyohlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli. Uma nje abozalo lwakho beqaphela indlela yabo, ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokhu wena uhambile phambi kwami.’


Ngase ngithi: “Le nto eniyenzayo yimbi. Beningehambe yini ngokumesaba uNkulunkulu wethu ukuze nigweme ukuhlanjalazwa ngabezizwe, abayizitha zethu na?


ngenxa yokuba bazonde ulwazi, bakhetha ukungamesabi uSimakade.


bengiyakubalahla abozalo lukaJakobe nabolukaDavide, inceku yami, ngingathathi ozalweni lwakhe ababusi bozalo luka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe. Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabo futhi ngibahawukele.’ ”


Uyakukusondeza phambi kukaSimakade, abaphristi bathele usawoti kukho, banikele ngakho, kube ngumnikelo wokushiswa kuSimakade.


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


Yonke iminikelo yakho yokusanhlamvu uboyiyolisa ngosawoti; ungawushiyi usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho eminikelweni yakho yokusanhlamvu; yonke iminikelo yakho iyoba nosawoti.


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abanikela ngayo, ngiyinika wena namadodana namadodakazi akho, ibe ngeyenu kuze kube phakade. Kuyisivumelwano sikasawoti, kuze kube phakade phambi kukaSimakade, kuwe nasezizukulwaneni zakho.”


Ngokuba benza sengathi kufihlekile kubo ukuthi izulu lalikhona kwasemandulo, kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, kwadalwa ngezwi likaNkulunkulu,


USimakade wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nina uSawule na? Ngimlahlile, ngeke esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngikuthuma kuJese waseBhethlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”


Wathumela, wamlanda, wamngenisa. Wayebomvana, enamehlo amahle, ebukeka kahle. USimakade wathi: “Phakama umgcobe ngokuba nguye lona.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ