Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 13:18 - IsiZulu 2020

18 Abakwa-Israyeli bathotshiswa ngaleso sikhathi, kodwa abakwaJuda banqoba, ngokuba babencike kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa-Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula, ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngakho abantwana bakwa-Israyeli bahlala ngaleso sikhathi, futhi abantwana bakwaJuda bazuza amandla, ngoba babethembele kuJehova uNkulunkulu wawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 13:18
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wamethemba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, akubanga bikho onjengaye emva kwakhe, phakathi kwawo wonke amakhosi akwaJuda, nakulawo ayengaphambi kwakhe.


Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


U-Abhiya namabutho akhe bababhubhisa, bebulala abakhulu nabancane kwa-Israyeli. Kwafa amabutho akhethiweyo ayizi-500 000.


U-Abhiya wamhubha uJerobhowamu, wadla imizi elandelayo: iBhethele nemizana yalo, iJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.


U-Asa waphuma ukuba abhekane naye, wawahlela amabutho akhe esigodini eZefatha, ngaseMaresha.


U-Asa wakhala kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, akekho ngaphandle kwakho ongasiza nongenamandla phakathi kwabaningi. Sisize, Simakade Nkulunkulu wethu, ngokuba sethembele kuwe, siphumile egameni lakho ukuzobhekana nalolu quqaba. Simakade, Wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.”


Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe,


Nkulunkulu wami, ngethembele kuwe; ungavumi ukuba ngihlazeke; izitha zami mazingaqhoshi ngami.


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


USimakade muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi labo abaphephela kuye.


ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ