Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 13:17 - IsiZulu 2020

17 U-Abhiya namabutho akhe bababhubhisa, bebulala abakhulu nabancane kwa-Israyeli. Kwafa amabutho akhethiweyo ayizi-500 000.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 U-Abiya nabantu bakhe bababulala ngokuceka okukhulu, kwaze kwawa amadoda akhethiweyo kwa-Israyeli ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 13:17
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bhekani, uNkulunkulu unathi, uyasihola, nabaphristi bakhe baphethe amacilongo empi ukuze bahlabe umkhosi ngenxa yenu. Bantu bakwa-Israyeli, ningalwi noSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, ngokuba aniyukuphumelela.”


Abakwa-Israyeli babaleka phambi kwabaJuda; uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.


Abakwa-Israyeli bathotshiswa ngaleso sikhathi, kodwa abakwaJuda banqoba, ngokuba babencike kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


U-Abhiya waphuma ukuyokulwa enempi yamaqhawe anamandla empini, amadoda akhethiweyo ayizi-400 000. UJerobhowamu yena wehla ukuyokulwa naye, enamadoda akhethiweyo ayizi-800 000, angamaqhawe anamandla.


UPheka, indodana kaRemaliya, wabulala izinkulungwane eziyizi-120 000 kwaJuda ngasuku lunye, bonke babengamadoda anamandla, ngokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


Izintaba ziyazamazama phambi kwakhe, amagquma ancibilike, umhlaba uyavokomala, nezwe nabo bonke abahlala kulo.


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ