Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 13:10 - IsiZulu 2020

10 “Kepha thina, uSimakade unguNkulunkulu wethu, asimfulathelanga, sinabaphristi abamkhonzayo uSimakade emisebenzini yabo, abozalo luka-Aroni nolukaLevi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu, asimshiyanga; abapristi abakhonza uJehova bangamadodana ka-Aroni, namaLevi alindele umsebenzi wawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 13:10
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Njalo ekuseni nakusihlwa bashisela uSimakade iminikelo yokushiswa nempepho enephunga elimnandi, bahlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhele uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo njalo kusihlwa, ngokuba thina sisawugcina umyalo kaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa nina nimshiyile.


Anixoshanga yini abaphristi bakaSimakade, amadodana ka-Aroni nabaLevi, nazimisela abaphristi njengabantu bezizwe na? Noma ngubani ofika efuna ukwehlukaniselwa leyo nkonzo, ephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, uba ngumphristi walokho okungesibo onkulunkulu.


Abaphristi nabaLevi ngabahlambulula kukho konke ukungcola kwabezizwe. Ngamisa futhi imisebenzi eyehlukene yabaphristi nabaLevi, yilowo nalowo enomsebenzi wakhe.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”


zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ