Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 12:7 - IsiZulu 2020

7 Ngesikhathi uSimakade ebona ukuthi bayazithoba, wathumela izwi kuShemaya, wathi: “Bazithobile; angiyukubabhubhisa, kodwa ngizokubakhulula emveni kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyukwehlela iJerusalema ngesandla sikaShishaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapha uJehova ebona ukuthi bayazithoba, kweza izwi likaJehova kuShemaya, lathi: “Bazithobile; angiyikubachitha, kepha ngiyakubakhulula emva kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyikuthululelwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova ebona ukuthi bazithobile, izwi likaJehova lafika kuShemaya, lathi: “Bazithobile; ngakho-ke ngeke ngibabhubhise, kodwa ngizobanika insindiso; ulaka lwami aluyikuthululwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 12:7
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.


Ngenkathi uRehobhowamu ezithoba, intukuthelo kaSimakade yasuka kuye, ayibange isambhubhisa nya; kwakusekhona okuhle kwaJuda.


UHezekiya wayithobisa inhliziyo yakhe eyayisikhukhumele, yena nezakhamuzi zaseJerusalema, ngakho-ke ulaka lukaSimakade alwehlelanga kubo emihleni kaHezekiya.


Esekuhluphekeni, wanxusa uSimakade uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wokhokho bakhe.


Wakhuleka kuye, wamncenga; wakuzwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela futhi eJerusalema embusweni wakhe. UManase wayesazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu.


“Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nensali ka-Israyeli noJuda ngamazwi akule ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade ethululelwe phezu kwethu; okhokho bethu abazange baligcine izwi likaSimakade, benza njengalokho okulotshiwe kule ncwadi.”


ngokuba bangihlubukile, bayoshisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo. Intukuthelo yami ezakuthululelwa kule ndawo ayiyukucinywa.’


ngenxa yokuba inhliziyo yakho ibe nokuzisola, wazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngale ndawo, nangezakhamuzi zayo, yebo, wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, kusho uSimakade.


Kepha Yena waba nobubele, wabathethelela ububi babo, akaze ababhubhisa, yebo, wazibamba kaningi olakeni lwakhe, wangayikhiphela kubo yonke intukuthelo yakhe.


Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemibuso engalibizi igama lakho.


Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.


Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe lingaxutshiwe, lathanjiswa esitsheni solaka lwakhe, uyakuhlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ