Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 12:5 - IsiZulu 2020

5 UShemaya umphrofethi wafika kuRehobhowamu nakubaholi bonke bakwaJuda abebuthene eJerusalema, ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uthi: ‘Nina ningifulathele Mina, ngakho-ke nami nginilahlele esandleni sikaShishaki.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehobowamu nasezikhulwini zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehabowamu nakuzo izikhulu zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: “Nina ningishiyile, ngalokho nami nginishiyile esandleni kaShishaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 12:5
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayesethi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; kungcono siwele esandleni sikaSimakade, ngokuba umusa wakhe mkhulu. Kepha mangingaweli neze esandleni somuntu.”


Kwase kufika izwi likaNkulunkulu kuShemaya, umuntu kaNkulunkulu, lathi:


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


Kwase kufika izwi likaNkulunkulu kuShemaya, umuntu kaNkulunkulu, lathi:


Izindaba zikaRehobhowamu, ezakuqala nezokugcina, azilotshiwe yini ezindabeni zikaShemaya umphrofethi, nezika-Ido umboni, ngokwezizukulwane, nezimpi zikaRehobhowamu noJerobhowamu zonke izinsuku zabo na?


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


UMoya kaNkulunkulu wasibekela uZakhariya, indodana kaJehoyada, umphristi, wema ngaphezu kwabantu, wathi kubo: “Usho kanje uNkulunkulu uthi: ‘Niyeqelani imiyalo kaSimakade, ukuze ningabi nampumelelo na? Ngokuba nimshiyile uSimakade, naye unishiyile.’ ”


USimakade akayukumnikela esandleni sakhe, akuyukumlahla ngecala lapho ehlulelwa.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


“Uma laba bantu, noma umphrofethi, noma umphristi bekubuza bethi: ‘Uyini umthwalo kaSimakade na?’ Uyobatshela uthi: ‘Yinina eningumthwalo,’ ubuye uthi: ‘Ngiyakunilahla, kusho uSimakade.’


“Ukuziphatha kwakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho, ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”


Kuyakuthi lapho nithi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu ukwenzeleni kithi konke lokhu na?’ Ubatshele, uthi: ‘Njengalokhu ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo-ke niyakukhonza eningabaziyo ezweni elingesilo elenu.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ