Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 12:3 - IsiZulu 2020

3 UShishaki wayenezinqola eziyi-1 200, abamahhashi abayizi-60 000, nokhumbintethe lwabantu abaphuma naye eGibhithe: amaLubhi, amaSuki, namaKhushe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 enezinqola eziyinkulungwane namakhulu amabili, nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha; abantu babengenakubalwa abaphuma naye eGibithe: ngamaLubi, namaSuki, namaKushe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 nezinqola eziyizinkulungwane eziyishumi nambili nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha; abantu abaphuma naye eGibithe babengenakubalwa; amaLubi, amaSukimi, namaTopiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 12:3
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ama-Aramu abaleka phambi kukaDavide, wabulala ama-Aramu angama-700 ayegibele izinqola zempi, nabamahhashi abayizi-40 000. UShobhakhi, umkhuzi wempi yawo, bamshaya, wafela khona lapho.


INkosi yenza ukuba impi yabase-Aramu izwe umsindo wezinqola, umsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu baze bakhuluma bodwa, bathi: “Uyabona, inkosi yakwa-Israyeli iqashe amakhosi amaHithi namakhosi aseGibhithe ukuba eze kithi.”


USimakade wawashaya amaKhushe phambi kuka-Asa noJuda; amaKhushe abaleka.


U-Asa wayenamabutho ayizi-300 000, aphatha izihlangu nemikhonto, ayevela kwaJuda, nalawo ayevela kwaBhenjamini eyizi-280 000, ayephatha amahawu, nansala ngeminsalo. Wonke lawo mabutho ayengamaqhawe anamandla.


UZera, umKhushe, waphuma namabutho ayizi-100 000 nezinqola eziyizi-3 000 ukuba azolwa naye, wafika eMaresha.


AmaKhushe namaLubi ayengesiyo yini impi enkulu, enezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokuba wawuthembele kuSimakade, Yena wayinikela esandleni sakho.


Ngokuba Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli uMsindisi wakho. IGibhithe ngilinikele laba yinhlawulo yakho; iKhushe neShebha esikhundleni sakho.


“ ‘IKhushe, iPhuthi, iLude, neKhubi, nabantu bezwe abenze isivumelwano nabo bazokufa ngenkemba.


Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva, naphezu kwakho konke okuthandekayo kwaseGibhithe; amaLubi namaKhushe ayakuba sezinyathelweni zayo.


IKhushe neGibhithe kwakungamandla alo angenakuphela; uPhuthi namaLibhiya kungabasizi bakho.


Ngezwa ukuthi inani lamabutho ayegibele amahhashi lalingaphindwa kabili, liyizi-10 000 eziphindwe kazi-10 000.


uSisera waqoqa zonke izinqola zakhe zempi, izinqola zensimbi ezingama-900 nawo wonke amabutho ayenawo, basuka eHaroshethi labezizwe baya emfudlaneni iKhishoni.


Ngokuba babekhuphuka nemfuyo yabo namathende abo, kube sengathi zinkumbi zesikhonyane; amadoda akhona, namakameli kwakukuningi kakhulu kungabaleki; babetheleka ezweni ukuba balibhubhise.


AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ