Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 12:2 - IsiZulu 2020

2 Kuthe ngonyaka wesihlanu wokubusa kwenkosi uRehobhowamu, kwakhuphukela eJerusalema uShishaki, inkosi yaseGibhithe, ngokuba babephambukile kuSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kepha kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wakhuphukela eJerusalema, ngokuba babephambukile kuJehova,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki, inkosi yaseGibithe, wahlasela iJerusalema, ngokuba babephambukile kuJehova;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 12:2
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wazama ukumbulala uJerobhowamu. UJerobhowamu wasuka wabalekela eGibhithe kuShishakhi, inkosi yakhona, wahlala lapho kwaze kwakhothama uSolomoni.


INkosi yenza ukuba impi yabase-Aramu izwe umsindo wezinqola, umsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu baze bakhuluma bodwa, bathi: “Uyabona, inkosi yakwa-Israyeli iqashe amakhosi amaHithi namakhosi aseGibhithe ukuba eze kithi.”


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


U-Asa wayenamabutho ayizi-300 000, aphatha izihlangu nemikhonto, ayevela kwaJuda, nalawo ayevela kwaBhenjamini eyizi-280 000, ayephatha amahawu, nansala ngeminsalo. Wonke lawo mabutho ayengamaqhawe anamandla.


UZera, umKhushe, waphuma namabutho ayizi-100 000 nezinqola eziyizi-3 000 ukuba azolwa naye, wafika eMaresha.


Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.


elithumela izithunywa ngolwandle, zintweze emanzini ngemikhumbi yomhlanga! Hambani zithunywa ezinejubane, niye esizweni sabantu abade abasikhumba sibushelelezi, abantu abesatshwa kude naseduze, isizwe esinamandla nezidlova; esizwe laso lihlukaniswe yimifula.


Nokho bahlubuka, bawudabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Iphelile intokozo yenhliziyo yethu, ukusina kwethu sekuphenduke ukulila.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ