Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 12:14 - IsiZulu 2020

14 Wenza okubi, akaze ayibhekisa inhliziyo yakhe ekufuneni uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wenza okubi, ngokuba akabhekisanga inhliziyo yakhe ukumfuna uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wenza okubi, ngokuba akayilungisanga inhliziyo yakhe ukumfuna uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 12:14
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJuda wenza okubi phambi kukaSimakade, wamenza waba nesikhwele ngaphezu kwakho konke okwakwenziwe ngokhokho babo, ngezono ababezenzile.


Simakade, Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, okhokho bethu, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondise inhliziyo yabo kuwe,


Emva kokuhamba kwabo, kwalandela ababevela kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ababenhliziyo ziphokophelele ukufuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, baya eJerusalema ukuyohlabela uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Nokho kufunyaniswe kuwe izinto ezinhle. Ubasusile o-Ashera ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.”


bonke abazinhliziyo zabo bezibhekise ekufuneni uNkulunkulu uSimakade, uNkulunkulu wokhokho babo, nakuba kungenziwanga ngokuhambisana nemithetho yokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”


Inhliziyo yami yethabile, Nkulunkulu, inhliziyo yami igxilile. Ngizohlabelela, ngihube.


Inhliziyo yabo yayingabambelele kuye, bengathembekile esivumelwanei sakhe.


Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo kwabozalo lukaJakobe, ngathi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Simakade ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.


“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla.


Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


USamuweli wathi kuyo yonke indlu yakwa-Israyeli: “Uma nibuyela kuSimakade ngenhliziyo yenu yonke, susani phakathi kwenu onkulunkulu babezizwe no-Ashitharothi, nibhekise izinhliziyo zenu kuSimakade, nikhonze Yena yedwa; uzonihlenga esandleni samaFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ