Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 12:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi lapho umbuso kaRehobowamu usuqinisiwe, yena esenamandla, washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lapho uRehobowamu ebuqinisa ubukhosi, eziqinisa, washiya umthetho kaJehova, no-Israyeli wonke kanye naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 12:1
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uRehobhowamu wabusa phezu kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababakhe emizini yakwaJuda.


URehobhowamu, indodana kaSolomoni, wabusa kwaJuda. URehobhowamu wayeneminyaka engama-40 eqala ukubusa. Wabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, ukuba abeke kuwo iGama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, wakwa-Amoni.


“Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ”


UJuda naye akayigcinanga imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakhe, kunalokho wahamba njengalokhu kwenza u-Israyeli.


Base bewuqinisa-ke umbuso wakwaJuda, benza uRehobhowamu, indodana kaSolomoni, waba namandla iminyaka emithathu, ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni.


Wenza ukuhlakanipha, amadodana akhe wawehlukanisa, ahlala emazweni wonke akwaJuda nakwaBhenjamini, nasemizini yonke ebiyelweyo; wawanika ukudla okuningi, wawatholela nabafazi abaningi.


“Yisho kuRehobhowamu, indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli ekwaJuda neyakwaBhenjamini, uthi:


Inkosi uRehobhowamu yaziqinisa eJerusalema. Yaqala ukubusa ineminyaka engama-41; yabusa iminyaka eli-17 eJerusalema, umuzi uSimakade ayewukhethe phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abeke kuwo igama lakhe. Igama likanina kwakunguNahama, umAmonikazi.


Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.


Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.


“Wena sizukulwane, lalela izwi likaSimakade. “Ngike ngaba yini yihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye na? Kungani abantu bami bethi: ‘Sesidlubulundile, asisayukubuyela kuwe,’ na?


Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.


Izimiso zika-Omri ziyalandelwa, nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi nihambe ngayo, ngokwamacebo abo, ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo, nezakhamuzi into enximfelwayo, niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.


Walikhohlwa iDwala elakuzalayo, wamkhohlwa uNkulunkulu owakudalayo.


Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ