8 iGathi, iMaresha, iZifi,
8 neGati, neMaresha, neZifi,
Kwathi emveni kwalokho, uDavide wahlasela amaFilisti, wawanqoba, wayidla iGathi nemizana yalo esandleni samaFilisti.
iBhethi Zuri, iSoko, i-Adulamu,
i-Adorayimi, iLakhishi, i-Azekha,
U-Asa wayenamabutho ayizi-300 000, aphatha izihlangu nemikhonto, ayevela kwaJuda, nalawo ayevela kwaBhenjamini eyizi-280 000, ayephatha amahawu, nansala ngeminsalo. Wonke lawo mabutho ayengamaqhawe anamandla.
UZera, umKhushe, waphuma namabutho ayizi-100 000 nezinqola eziyizi-3 000 ukuba azolwa naye, wafika eMaresha.
U-Eliyezeri, indodana kaDodavahu waseMeresha, waphrofetha ngoJehoshafathi, wathi: “Ngenxa yokuba uzihlanganise no-Ahaziya, uSimakade uyakuyidiliza imisebenzi yakho.” Leyo mikhumbi yephuka, ayikwazanga ukuya eTharishishi.
Waphuma wayokulwa namaFilisti, wadiliza ugange eGathi, ugange eJabhine, nogange e-Ashidodi, wakha imizi e-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.
Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho, ngamandla akho ungehlulele.
iZifi, iTheleme, iBhehalothi,
iKheyila, i-Akhizibhi, neMaresha; isiyonke imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.
IMahoni, iKharmeli, iZifi, iJutha,
UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala kwelezintaba ehlane iZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kodwa uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.
Kwase kwenyuka abaseZifi, baya kuSawule eGibheya, bathi: “UDavide akacashile yini phakathi kwethu ezinqabeni eHoreshi egqumeni iHakhila, eliseningizimu yeJeshimoni na?