Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 11:15 - IsiZulu 2020

15 Wazimisela abaphristi bezindawo eziphakemeyo, abezimbuzi nabamathole ayewabumbile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo nabamademoni nabamathole abewenzile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 11:15
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yathola iseluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kwabakwa-Israyeli: “Sekwanele manje ukuba nilokhu nikhuphukela eJerusalema; manje nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”


Wakha izindlu ezindaweni eziphakemeyo, wabeka abaphristi ngangokomumo wabantu noma babengesiwo amadodana kaLevi.


Emveni kwalokho uJerobhowamu akaphendukanga endleleni yakhe embi, kodwa waqhubeka wabeka abaphristi ezindaweni eziphakemeyo ngangomumo wabantu. Noma ngubani owayethanda, wayehlukaniselwa ukuba abe ngumphristi wendawo ephakemeyo.


Kunalokho wenze okubi ukwedlula bonke abakwendulela; uhambile wayozenzela onkulunkulu, nezinye izithombe ezibunjiweyo, wavusa ulaka lwami, wangitshinga nyovane.


“Manje nicabanga ukuthi nizokwazi ukumelana nobukhosi bukaSimakade obusesandleni samadodana kaDavide, wena nalesi sixuku esikhulu kangaka, futhi kunamathole egolide enenzelwa wona nguJerobhowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.


Anixoshanga yini abaphristi bakaSimakade, amadodana ka-Aroni nabaLevi, nazimisela abaphristi njengabantu bezizwe na? Noma ngubani ofika efuna ukwehlukaniselwa leyo nkonzo, ephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, uba ngumphristi walokho okungesibo onkulunkulu.


UMose wabuyela kuSimakade, wathi: “Maye! Laba bantu benze isono esikhulu, bazenzele onkulunkulu ngegolide.


Manje bayaqhubeka nokona, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo, nezithombe ezibaziweyo ngobungcweti babo, konke lokhu kungumsebenzi wezingcweti, bakhuluma kubo, bathi: “Abenza umhlatshelo kumele bange amathole.”


ukuze bangaphinde banikele imihlatshelo yabo emadimonini abaphinga nawo. Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kubo, ezizukulwaneni zabo.’


“Bahlabela amadimoni angeyena uNkulunkulu, nonkulunkulu abangazange babazi, onkulunkulu abasha, abasanda kuhlangabezana nabo, nababengaziwa ngokhokho babo.


Manje uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezimfundiso zamadimoni,


babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ