Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 11:14 - IsiZulu 2020

14 AbaLevi bashiya amadlelo abo nefa labo, baya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobhowamu namadodana akhe bawenqabela ukuba abe ngabaphristi bakaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo, aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nempahla yawo, eza kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe babalahlile ukuba bangabe besaba ubupristi bukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 11:14
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emveni kwalokho uJerobhowamu akaphendukanga endleleni yakhe embi, kodwa waqhubeka wabeka abaphristi ezindaweni eziphakemeyo ngangomumo wabantu. Noma ngubani owayethanda, wayehlukaniselwa ukuba abe ngumphristi wendawo ephakemeyo.


Abaphristi nabaLevi ababekulo lonke elakwa-Israyeli bazihlanganisa noRehobhowamu, bevela kuzo zonke izifundazwe.


Anixoshanga yini abaphristi bakaSimakade, amadodana ka-Aroni nabaLevi, nazimisela abaphristi njengabantu bezizwe na? Noma ngubani ofika efuna ukwehlukaniselwa leyo nkonzo, ephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, uba ngumphristi walokho okungesibo onkulunkulu.


Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ