Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 10:17 - IsiZulu 2020

17 Kepha uRehobhowamu wabusa phezu kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababakhe emizini yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kepha abantwana bakwa-Israyeli ababehlala emizini yakwaJuda uRehobowamu wabusa phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 10:17
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo.


Kepha uRehobhowamu wabusa phezu kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababakhe emizini yakwaJuda.


Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.


Inkosi uRehobhowamu yathuma u-Adoramu owayengamele izisebenzi ku-Israyeli. Kepha u-Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobhowamu yashesha yagibela enqoleni yayo, yabaleka eJerusalema.


URehobhowamu esefikile eJerusalema, waqoqa yonke indlu yakwaJuda nesizwana sakwaBhenjamini, abantu abakhethiweyo abayizi-180 000, amabutho, ukuze balwe nendlu yakwa-Israyeli, umbuso bawubuyisele kuye uRehobhowamu, indodana kaSolomoni.


Kuyo yonke imizi, wabeka izihlangu nemikhonto emzini ngamunye, wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBhenjamini kwakungokwakhe.


“Yisho kuRehobhowamu, indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nayo yonke indlu yakwa-Israyeli ekwaJuda neyakwaBhenjamini, uthi:


“Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo, uthi: ‘EkaJuda nabakwa-Israyeli abangabangani bakhe.’ “Thatha enye induku futhi, ulobe kuyo, uthi: ‘EkaJosefa, induku ka-Efrayimi nendlu yonke yakwa-Israyeli, abangabangani bakhe.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ