Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 1:8 - IsiZulu 2020

8 USolomoni wathi kuNkulunkulu: “Ubaba uDavide umenzele umusa omkhulu, nami ungibeke inkosi esikhundleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu: “Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 USolomoni wasesithi kuNkulunkulu: Wena wenzele ubaba uDavida umusa omkhulu, wangimisa inkosi esikhundleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 1:8
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”


USolomoni wathi: “Ukhombise umusa omkhulu encekwini yakho uDavide, ubaba, ngoba wahamba phambi kwakho ngokwethembeka, ngokulunga nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi njengalokhu kwenzeka namuhla.


Inkosi uDavide yahamba yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani Simakade Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungithwale kuze kube lapha na?


Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.


USolomoni wahlala esihlalweni sobukhosi sikaSimakade waba yinkosi esikhundleni sikaDavide, uyise, waba nempumelelo; wonke u-Israyeli wamlalela.


Wafa esemdala, esenelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni, indodana yakhe, wabusa esikhundleni sakhe.


ngokuba umusa wakho phezu kwami mkhulu, ukhulule umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.


Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokwethembeka kwakho na?


Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ