Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 1:2 - IsiZulu 2020

2 USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, kubakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, kubehluleli, kubo bonke abaholi bakwa-Israyeli, nasezinhlokweni zoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USolomoni wakhuluma ku-Israyeli wonke, ezinduneni zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 1:2
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi uSolomoni yaya eGibheyoni ukuyokwenza umhlatshelo khona, ngokuba kwakuyiyona ndawo ephakemeyo, enkulu. USolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane kulelo althare.


UDavide wahlanganisa amakhanda nabakhuzi bempi bezinkulungwane nabamakhulu, nabaholi bonke.


Wathi kubo: “Nina niyizinhloko zezindlu zoyise babaLevi, zingcweliseni, nina nabafowenu, ukuba nikhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, niwuyise endaweni engiwulungisele yona.


UDavide waqoqela ndawonye eJerusalema wonke u-Israyeli ukuba kukhushulwe umphongolo kaSimakade uyiswe endaweni awulungiselele yona.


Nalaba benza unkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni phambi kukaDavide, inkosi, uZadoki, u-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise, abaphristi nabaLevi; omkhulu kubo kanjalo nomfowabo omncane.


Ozalweni luka-Eleyazare kwatholakala amadoda amaningi ayizinhloko kunasozalweni luka-Ithamari. Ahlukaniswa kanje: ozalweni luka-Eleyazare kwakukhona abali-16 ababeyizinhloko zezindlu zokhokho, nasozalweni luka-Ithamari kwatholakala abayisishiyagalombili ngokwezindlu zokhokho.


Nanti inani labantu bakwa-Israyeli ngokwezinhloko zezindlu zoyise, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izikhulu zabo ezazikhonza inkosi kukho konke ngokwezigaba, ezazingena ziphuma inyanga nenyanga, ezinyangeni zonke zonyaka. Babekhona kuleso naleso sigaba, bekhonza, sebebonke beyizi-24 000.


UDavide wayeseqoqa zonke izikhulu zakwa-Israyeli, abaholi bezizwana, izinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, abakhuzi bempi bezinkulungwane nabezamakhulu, izinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, izinduna zasendlunkulu, amaqhawe, nawo wonke amadoda anamandla eJerusalema.


Inkosi uDavide yathi kulo lonke ibandla: “USolomoni, indodana yami, nguye yedwa okhethwe nguNkulunkulu, usengumfana, akakaqini ukhakhayi, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu, kepha ngelikaSimakade uNkulunkulu.


USolomoni wahamba nebandla lonke elalinaye, baya endaweni ephakemeyo eGibheyoni, ngokuba lalilapho ithende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe ehlane nguMose, inceku kaSimakade.


UHezekiya, inkosi, wavuka ekuseni waqoqa izinduna zomuzi, bakhuphukela endlini kaSimakade.


Inkosi yayelulekene nezikhulu zayo nebandla lonke laseJerusalema ukuba bagcine iphasika ngenyanga yesibili,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ