Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 iziKronike 1:1 - IsiZulu 2020

1 USolomoni, indodana kaDavide, waziqinisa embusweni wakhe. USimakade uNkulunkulu wakhe, wayenaye, wamenza waba mkhulu, wadlondlobala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 USolomoni indodana kaDavide wamqinisa embusweni wakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamenza waba mkhulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 iziKronike 1:1
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaleso sikhathi kwasuka u-Abhimeleki noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe, wathi ku-Abhrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.


USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe.


USimakade wayenaye uJosefa, wamenzela umusa, waba nogazi kumphathijele.


Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo,


USolomoni wahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, uyise; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.


Inkosi yayisiyala uBhenaya, indodana kaJehoyada, waphuma wamthelekela; wambulala. Umbuso waqiniswa esandleni sikaSolomoni.


Nganginawe noma kuphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho. Ngiyakwenza igama lakho libe njengamagama abakhulu abasemhlabeni.


“Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe.


eyegolide, eyesiliva, eyethusi, neyensimbi, okungenakubalwa; suka usebenze; uSimakade abe nawe.”


USolomoni wahlala esihlalweni sobukhosi sikaSimakade waba yinkosi esikhundleni sikaDavide, uyise, waba nempumelelo; wonke u-Israyeli wamlalela.


USimakade wamenza waba mkhulu uSolomoni phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungakaze lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli eyamendulelayo.


Zonke izindaba ngokubusa kwakhe, amandla akhe, izehlo ezamehlelayo, yena no-Israyeli, nayo yonke imibuso namazwe.


Abaningi baletha iminikelo kuSimakade eJerusalema namagugu kuHezekiya inkosi yakwaJuda, waba nodumo kubo bonke abezizwe ngaleso sikhathi.


Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukuphakamisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ukuze bazi ukuthi ngiyoba nawe njengoba nganginaye uMose.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ