Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




2 AmaKhosi 12:3 - IsiZulu 2020

3 Kepha-ke akazisusanga izindawo eziphakemeyo; abantu babesalokhu behlaba, beshisa nempepho kuzo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba ezindaweni eziphakemeyo, kushunqe umusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




2 AmaKhosi 12:3
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Asa wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengoDavide, ukhokho wakhe.


Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuSimakade ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.


Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa, uyise, kaphambukanga kuzo, wenza okulungile emehlweni kaSimakade. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela, beshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.


UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaSimakade izinsuku zonke zakhe, ngesikhathi uJehoyada umphristi emyala.


Akazibhidlizanga izindawo eziphakemeyo abantu ababenikela benze imihlatshelo kuzo.


Wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengalokhu kwenza uyise, u-Amaziya.


Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, beshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango elingenhla endlini kaSimakade.


Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga, abantu babesalokhu behlaba khona, beshisa impepho kuzo.


Wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengakho konke akwenzayo uDavide, ukhokho wakhe.


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera, wachitha inyoka yethusi eyayenziwe nguMose, ngokuba abakwa-Israyeli, kuze kube yileso sikhathi, babesashisa impepho kuyo; yayisibizwa ngokuthi nguNehushithani.


Wenza okulungile emehlweni kaSimakade, wahamba ngayo yonke indlela uDavide, ukhokho wakhe, ayehambe ngayo, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


Watshela abantu abayizakhamuzi zaseJerusalema ukuba banikele ingxenye yabaphristi neyabaLevi, ukuze babambelele baqine emthethweni kaSimakade.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ