Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 9:25 - IsiZulu 2020

25 Sebehlile endaweni ephakemeyo, bangena emzini. USamuweli waxoxa noSawule besophahleni lwendlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Behla endaweni ephakemeyo beza emzini, uSamuweli wakhuluma kuSawule phezu kwendlu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 9:25
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.


Abantu base bephuma beyogawula amagatsha, yilowo nalowo wazakhela idokodo ophahleni lwendlu yakhe, emagcekeni abo, emagcekeni endlu kaNkulunkulu, naseshashalazini elingaphambi kweSango Lamanzi, nelingaphambi kweSango Lika-Efrayimi.


Izindlu eJerusalema nezigodlo zamakhosi akwaJuda, ziyakungcola njengeThofethi, yebo, nakuzo zonke izindlu abashisele ibandla lasezulwini impepho, phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo.’ ”


Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kumemezeleni phezu kwezindlu.


ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe;


Kepha lapho engayitholi indlela yokumngenisa ngenxa yesixuku, agibela ophahleni lwendlu, aluqaqa, amehlisela phansi ngohlaka phambi kukaJesu.


Kuthe ngakusasa besahamba labo, sebesondela emzini, uPhethro wenyukela phezu kwendlu ukuba ayokhuleka ngehora lesithupha.


“Lapho wakha indlu entsha, uyokwenza umpheme ophahleni lwayo ukuze ungazethwesi icala legazi uma umuntu ewa lapho.


Bavuka ekuseni kuseluvindi, uSamuweli wambiza uSawule ophahleni lwendlu, wathi kuye: “Vuka khona ngizokumukisa.” Wavuka-ke uSawule. Baphuma bobabili baya phandle, uSamuweli noSawule.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ