Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 6:19 - IsiZulu 2020

19 Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebheke emphongolweni kaJehova, yebo, wabulala abantu abangamashumi ayisithupha nanhlanu; isibhicongo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 6:19
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya khona lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela ngasemphongolweni kaNkulunkulu.


UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wayesekhuphuka, babhekana ubuso nobuso no-Amaziya, inkosi yakwaJuda, eBhethi Shemethi kwaJuda.


USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.


Kwathi ukuba abantu bezwe leyo ndaba embi, bakhala, akwaba bikho muntu owahloba ngobucwebecwebe bakhe.


Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa.


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.


“Niqikelele ukuba isizwana semindeni kaKhohathi singapheli phakathi kwabaLevi,


Abanakungena ukuba babuke okungcwele ngisho umzuzwana nje, funa bafe.”


“Izimfihlakalo zingezikaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa okwambuliweyo kungokwethu nozalo lwethu kuze kube phakade ukuba siwenze wonke amazwi alo mthetho.”


Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo,


Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ