Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 31:12 - IsiZulu 2020

12 kwasuka wonke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe ogangeni eBhethi Shani, ahamba nazo, afika eJabeshi azishisela khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 kwasuka onke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule, nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Onke amadoda anesibindi azilungisa, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe odongeni lwaseBeti-Shani, eza eJabeshi, azishisa khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 31:12
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

asuka wonke amadoda anamandla ayothatha isidumbu sikaSawule nezamadodana akhe, aziletha eJabheshi. Amathambo abo awambela phansi kwe-okhi eJabheshi, azila ukudla izinsuku eziyikhombisa.


Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.


Uyakufa ngokuthula; ushiselwe amakha njengalokhu ashiselwa amakhosi okuqala akwendulelayo. Bayokushisela amakha, bakulilele, bathi: “Maye nkosi!” Ngokuba Mina uqobo ngilikhulumile leli lizwi, kusho uSimakade.’ ”


Lapho umalume wakhe emphakamisa nalowo omshisayo endlini, bese umuntu othile athi kophakathi endlini: “Ukhona yini osele nawe endlin na?” Yena uyakuphendula athi: “Akekho,” bese ethi: “Thula, ngokuba asinakuliphatha igama likaSimakade.”


Abeka izikhali zikaSawule endlini ka-Ashitharothi, isidumbu sakhe asibethela ogangeni eBhethi Shani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ