1 Samuweli 29:3 - IsiZulu 20203 Base bethi abakhuzi bempi yamaFilisti: “Afunani lawa maHebheru lapha na?” U-Akhishi wathi kubo abakhuzi bempi yamaFilisti: “Akusiye yini uDavide, inceku kaSawule, inkosi yakwa-Israyeli, okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE3 Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Ayini lawa maHeberu na?” U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti: “Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakwa-Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20243 Zase zithi izikhulu zamaFilisti: “Enzani la maHeberu lapha na? U-Akhishi wayesethi ezikhulwini zamaFilisti: “Lo akasiye uDavide inceku kaSawule, inkosi yakwa-Israyeli, obe nami kulezi zinsuku noma le minyaka, futhi angitholanga cala kuye selokhu wangiwela? lolu suku? အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
U-Akhishi wambiza uDavide, wathi kuye: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, wena uqotho; ngikubone kukuhle emehlweni ami ukuba uphume futhi ubuye nami empini, ngokuba angifumananga bubi kuwe kusukela ngosuku owafika ngalo kimi kuze kube namuhla, kodwa amakhosi awakuboni kukuhle ukuba uhambe nathi.