Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 28:4 - IsiZulu 2020

4 AmaFilisti abuthana, eza, akanisa eShunemi, noSawule waqoqa wonke u-Israyeli, wakanisa eGilibhowa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 AmaFilisti abuthana, eza amisa inkamba eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 28:4
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Nina zintaba iGilibhowa, makungabi bikho mazolo namvula phezu kwenu, nasemasimini avundileyo, ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha.


Insizwa eyambikelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni iGilibhowa, ngaleso sikhathi uSawule wancika emkhontweni, ngokuba izinqola nabamahhashi babemxine kakhulu.


UDavide wawalanda amathambo kaSawule namathambo kaJonathani, indodana yakhe, kubantu baseJabeshi Gileyadi, ababewebe esigcawini eBhethi Shani, lapho babephanyekwe khona, mhla amaFilisti ebulala uSawule eGilibhowa.


Zase zifuna intombi enhle kuyo yonke indawo kwa-Israyeli, zathola u-Abhishagi waseShunemi, zamletha enkosini.


Kwathi ngelinye ilanga u-Elisha wadlula eya eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo. Owesifazane wamncenga ukuba adle isinkwa. Kwakuthi njalo uma edlula aphambukele khona ukuba adle.


Indawo yabo kwakuyiJizreyeli, iKhesulothi, iShunemi,


USawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.


AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, abanye babo bawa, basala enkundleni, entabeni iGilibhowa.


Kwathi ngakusasa, amaFilisti abuya ukuyophanga ababebulewe, afumana uSawule namadodana akhe omathathu befele entabeni iGilibhowa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ