Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:39 - IsiZulu 2020

39 UDavide wezwa ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makadunyiswe uSimakade omele indaba yehlazo lami lapho uNabali engihlazisa, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali kuye.” UDavide wathumela wakhuluma no-Abhigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

39 UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:39
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”


Inkosi yabuye yathi kuShimeyi: “Wena ukwazi kahle konke okubi okusenhliziyweni yakho owakwenza kuDavide, ubaba, ngakho-ke uSimakade uyakuphindisela ububi bakho phezu kwakho.


Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini.


kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.


Ububi bubuyela ekhanda lakhe, ubudlova bakhe behlele ekhanda lakhe.


Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.


Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isihawu kuSimakade.


Indlu nengcebo kuyifa elivela kubazali, kodwa umfazi ohlakaniphileyo uvela kuSimakade.


ngokuba uSimakade uyayimela indaba yabo, kuthi ababephucayo Yena abephuce ukuphila kwabo.


Ngubani ongathola umfazi woqobo na? Uyigugu eledlula inani lamarubhi.


Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uSimakade uyakudunyiswa.


Sinodadewethu omncane, ongakahlosi. Siyokwenzenjani ngaye ngosuku ayocelwa ngalo na?


Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, hhayi ukuba thina sibonakale sinempumelelo, kepha ukuba nina nenze okuhle, noma thina singaba njengabahlulekile.


Sengathi uNkulunkulu wokuthula, Yena uqobo, anganingcwelisa ngokupheleleyo, alondoloze umoya wenu wonke, nomphefumulo nomzimba, kungabi nasici ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Khristu.


INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.


“Uma abaholi bakwa-Israyeli behamba phambili, nabantu bazinikela ngokukhululeka, makadunyiswe uSimakade!


USimakade makabe ngumehluleli, ehlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”


“Nkosi yami, ngiyafunga ngoSimakade, nangempilo yakho uqobo, njengoba uSimakade ekuvimbele ukuba ube necala legazi nokuba uziphindiselele ngesandla sakho; mazibe njengoNabali izitha zakho nalabo abafuna ukubulala inkosi yami.


UDavide wayesethi ku-Abhigayili: “Makadunyiswe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli okuthume namuhla ukuba ungihlangabeze.


Impela ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbile ukuba ngingakulimazi, uma bewungazange usheshe uze ukuzongihlangabeza, impela ngabe akusalanga nakunye okukaNabali okwesilisa okungokwakhe, ekuseni kusasa.”


Izinceku zikaDavide sezifikile ku-Abhigayili eKharmeli, zakhuluma naye, zathi: “UDavide usithume kuwe ukuba akuthathe, ube ngumkakhe.”


UDavide wathi: “Ngifunga ngiyagomela, uSimakade uyakumshaya, noma afikelwe wusuku lokufa, ehlele empini, abhubhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ