Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




1 Samuweli 25:38 - IsiZulu 2020

38 Kwathi emveni kwezinsuku ezilishumi uSimakade wamshaya uNabali, wafa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




1 Samuweli 25:38
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya khona lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela ngasemphongolweni kaNkulunkulu.


USimakade wayishaya ngesifo sochoko inkosi kwaze kwaba sekukhothameni kwayo; yayihlala endlini eqhelile kwezinye. UJothamu, indodana yenkosi, wayengamele umuzi, ehlulela abantu bezwe.


Kwathi ngalobo busuku, kwaphuma ingelosi kaSimakade, yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000; sebevuka ekuseni, bheka, kwakuyizidumbu zodwa.


Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze uSimakade agcwalise izwi alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.


UJerobhowamu akaphindanga waba namandla emihleni ka-Abhiya. USimakade wamshaya wafa.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bafa, babhubha benovalo.


Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Makubusiswe ukuhlakanipha kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele namuhla ukungena ecaleni legazi nokuziphindiselela ngesandla sami.


Ekuseni, selidamukile iwayini kuNabali, umkakhe wamtshela ngalezo zinto, inhliziyo yakhe yaphelelwa ngamandla, waba njengetshe.


UDavide wathi: “Ngifunga ngiyagomela, uSimakade uyakumshaya, noma afikelwe wusuku lokufa, ehlele empini, abhubhe.


Bhekani, uma zenyuka nawo ngendlela esemngceleni waseBhethi Shemeshi, yazini ukuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli osehlisele lobo bubi obukhulu. Uma kungenzeki kanjalo, kuyobe sehlelwe yingozi nje.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ